KumaHeberu 5:11-14

KumaHeberu 5:11-14 CZB24

Sinokuningi esingakusho ngaye, okunzima ukukukhulumela, lokhu nina niba buthuntu ekuzweni. Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo. Ngokuba yilowo nalowo odla ubisi akahlakaniphile izwi lokulunga, ngokuba uyingane. Kodwa ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, labo abathi ngokujwayela ukuzwisisa, sebekufundise ukuhlukanisa okuhle lokubi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 5:11-14