KumaHebheru 2:5-18

KumaHebheru 2:5-18 ZUL20

Ngokuba izwe elizayo esikhuluma ngalo kalithobiselanga phansi kwezingilosi. Kepha omunye ufakazile kwenye indawo, wathi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake na? Okwesikhashana wamenza ngaphansana kwezingelosi, wamfaka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.” Lapho ebeka konke phansi kwezinyawo zakhe, kashiyanga lutho okungabekwanga phansi kwakhe. Kepha manje asikaziboni izinto zonke zibekwe phansi kwakhe. Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke. Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo. Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu, ethi: “Ngizakushumayela igama lakho kubafowethu, ngikuhubele phakathi kwebandla,” futhi uthi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” abuye athi: “Sengilapha, mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.” Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane, akhulule bonke okwathi ngokwesaba ukufa besaphila, baboshelwa ebugqileni. Ngokuba kuyakhanya ukuthi akezanga ukuzosiza izingelosi, kodwa labo abayinzalo ka-Abhrahama. Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. Njengalokhu Yena uqobo wahlupheka elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.