KumaHeberu 2:5-18

KumaHeberu 2:5-18 ZUL59

Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo. Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na? Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.” Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe; kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke. Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo. Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu, ethi: “Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho, ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,” futhi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” futhi: “Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.” Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane, abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama. Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo