KumaHeberu 2:5-18

KumaHeberu 2:5-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngokuba izwe elizayo esikhuluma ngalo kalithobiselanga phansi kwezingilosi. Kepha omunye ufakazile kwenye indawo, wathi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake na? Okwesikhashana wamenza ngaphansana kwezingelosi, wamfaka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.” Lapho ebeka konke phansi kwezinyawo zakhe, kashiyanga lutho okungabekwanga phansi kwakhe. Kepha manje asikaziboni izinto zonke zibekwe phansi kwakhe. Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke. Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo. Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu, ethi: “Ngizakushumayela igama lakho kubafowethu, ngikuhubele phakathi kwebandla,” futhi uthi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” abuye athi: “Sengilapha, mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.” Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane, akhulule bonke okwathi ngokwesaba ukufa besaphila, baboshelwa ebugqileni. Ngokuba kuyakhanya ukuthi akezanga ukuzosiza izingelosi, kodwa labo abayinzalo ka-Abhrahama. Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. Njengalokhu Yena uqobo wahlupheka elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

KumaHeberu 2:5-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngokuba akalibekanga kuzo izingelosi izwe elizayo esikhuluma ngalo. Kodwa omunye wafakaza endaweni ethile esithi: Uyini umuntu ukuthi umkhumbule? Kumbe indodana yomuntu ukuthi uyihambele? Wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; Zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe. Ngokuba ekubekeni konke phansi kwakhe, akashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kodwa kalokhu asikaboni zonke izinto zibe ngaphansi kwakhe. Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu. Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe, nezikhona ngaye zonke izinto, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, aphelelise ngezinhlupheko umbusi wensindiso yawo. Ngoba kokubili ongcwelisayo lalabo abangcweliswayo bonke bavela oyedwa; Esithi: Ngizalitshumayela ibizo lakho kubazalwane bami, phakathi kwebandla ngizahlabelela kuwe indumiso. Futhi futhi: Ngizabeka ithemba lami kuye. Futhi futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona. Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane; futhi abakhulule labo ababeboshelwe ebugqilini ukuphila kwabo konke ngokwesaba ukufa. Ngokuba impela akathathanga isimo sezingelosi; kodwa wathatha inzalo kaAbrahama. Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu. Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

KumaHeberu 2:5-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

KumaHeberu 2:5-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo. Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na? Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.” Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe; kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke. Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo. Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu, ethi: “Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho, ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,” futhi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” futhi: “Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.” Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane, abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama. Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.