KumaHeberu 2

2
KumaHeberu 2
1Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele.
2Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukweqa nokungalaleli kuthola umvuzo ofanele;
3Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;
4UNkulunkulu laye efakaza ngabo ngezibonakaliso, lezimanga, langezimangaliso ezitshiyeneyo, lezipho zikaMoya oNgcwele, njengokwentando yakhe?
5Ngokuba akalibekanga kuzo izingelosi izwe elizayo esikhuluma ngalo.
6Kodwa omunye wafakaza endaweni ethile esithi: Uyini umuntu ukuthi umkhumbule? Kumbe indodana yomuntu ukuthi uyihambele?
7Wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho;
8Zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe. Ngokuba ekubekeni konke phansi kwakhe, akashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kodwa kalokhu asikaboni zonke izinto zibe ngaphansi kwakhe.
9Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.
10Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe, nezikhona ngaye zonke izinto, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, aphelelise ngezinhlupheko umbusi wensindiso yawo.
11Ngoba kokubili ongcwelisayo lalabo abangcweliswayo bonke bavela oyedwa;
12Esithi: Ngizalitshumayela ibizo lakho kubazalwane bami, phakathi kwebandla ngizahlabelela kuwe indumiso.
13Futhi futhi: Ngizabeka ithemba lami kuye. Futhi futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.
14Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;
15futhi abakhulule labo ababeboshelwe ebugqilini ukuphila kwabo konke ngokwesaba ukufa.
16Ngokuba impela akathathanga isimo sezingelosi; kodwa wathatha inzalo kaAbrahama.
17Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu.
18Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHeberu 2: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo