Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa, waba ngumfokazi ezweni lesithembiso, izwe angalazi, ehlala emathendeni beno-Isaka noJakobe, ababeyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omdwebimumo nomakhi wawo kunguNkulunkulu.
Ngokukholwa, naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo. Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.
Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho kanjalo, babonakalisa ngokusobala ukuthi bafuna izwe lakubo. Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo. Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe, okwathiwa kuye: “Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka,” wabona ukuthi uNkulunkulu unamandla okuvusa kwabafileyo; ngokungathekisa singathi wabuye wayithola indodana yakhe kungathi ivela kwabafileyo. Ngokukholwa, u-Isaka wabusisa uJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo.
Ngokukholwa, uJakobe esezokufa wabusisa yileyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka eyeme esihlokweni sodondolo lwakhe.
Ngokukholwa, uJosefa esezakufa wakhuluma ngofuduko lwabantu bakwa-Israyeli, wayaleza nangamathambo akhe.
Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.
Ngokukholwa, uMose esekhulile wenqaba ukubizwa ngendodana yendodakazi kaFaro, kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze okwesikhashana esonweni, wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo. Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo. Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.
Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza.
Ngokukholwa, zawa izingange eJerikho emva kokuzungezwa izinsuku eziyisikhombisa.