KumaHeberu 11:8-30

KumaHeberu 11:8-30 CZB24

Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso; Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo. Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe. Futhi ngempela, uma babekhumbula izwe ababephuma kulo, babeyoba nethuba lokubuyela emuva. Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi. Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa. Okwathiwa ngaye: NgoIsaka inzalo yakho iyakubizwa; Ethi uNkulunkulu unamandla okumvusa nakwabafileyo; lapho laye wamamukela khona ngomfanekiso. Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo. Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa amadodana kaJosefa omabili; wakhuleka encika esihlokweni sodondolo lwakhe. Ngokholo uJosefa esefile wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakoIsrayeli; walaya ngamathambo akhe. Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi. Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni; wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo. Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti. Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo; Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 11:8-30