KumaHebheru 11:23-31

KumaHebheru 11:23-31 ZUL20

Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi. Ngokukholwa, uMose esekhulile wenqaba ukubizwa ngendodana yendodakazi kaFaro, kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze okwesikhashana esonweni, wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo. Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo. Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo. Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza. Ngokukholwa, zawa izingange eJerikho emva kokuzungezwa izinsuku eziyisikhombisa. Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHebheru 11:23-31