Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi. Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni, ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo. Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo. Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza. Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa. Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula.
Funda KumaHeberu 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHeberu 11:23-31
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo