Uphumele ukusindiswa kwabantu bakho, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza umholi endlini yababi, umhlubule kusukela phansi kuze kube sentanyeni. Sela Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imikhonto, lapho amabutho akhe engithelekela ukuba angihlakaze, ejabula njengazoshwabadela ompofu esithe. Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, amanzi amaningi agubhayo. Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo. Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni, nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami. USimakade iNkosi, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela, enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.
Funda UHabhakuki 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UHabhakuki 3:13-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo