UHabakuki 3:13-19
UHabakuki 3:13-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uphumele ukusindiswa kwabantu bakho, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza umholi endlini yababi, umhlubule kusukela phansi kuze kube sentanyeni. Sela Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imikhonto, lapho amabutho akhe engithelekela ukuba angihlakaze, ejabula njengazoshwabadela ompofu esithe. Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, amanzi amaningi agubhayo. Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo. Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni, nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami. USimakade iNkosi, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela, enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.
UHabakuki 3:13-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho, yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza uphahla endlini yababi, wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela* Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo, lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza, bejabula njengabayakudla ompofu ngasese. Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, inqaba yamanzi amaningi. Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu. Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni, nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami. UJehova, iNkosi yami, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi, angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu.
UHabakuki 3:13-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Waphuma ukusindisa abantu bakho, yebo, ukusindisa kanye nogcotshiweyo wakho; Ulimele ikhanda endlini yomubi ngokuvula isisekelo kuze kufike entanyeni. Sela. Washaya inhloko yemizi yakhe ngezinduku zakho; njengesivunguvungu baphuma ukungihlakaza; ukujabula kwabo kwakunjengokudla abampofu ngasese. Wadabula ulwandle namahhashi akho, inqwaba yamanzi amaningi. Lapho ngizwa lokhu, isisu sami sathuthumela; izindebe zami zathuthumela ngezwi; ukubola kwangena emathanjeni ami, ngaqhaqhazela phakathi kwami, ukuze ngiphumule ngosuku losizi; Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho sithelo emvinini; umsebenzi womnqumo uyophela, namasimu awayikuthela ukudla; imfuyo encane kufanele iqedwe esibayeni, futhi akufanele kube nezinkomo ezibayeni; Kepha mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabule kuNkulunkulu wensindiso yami. UJehova uNkulunkulu ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, angihambise ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelela ngezinsimbi zami zomculo ezinezintambo.