UHabakuki 3:13-19

UHabakuki 3:13-19 ZUL59

Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho, yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza uphahla endlini yababi, wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela* Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo, lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza, bejabula njengabayakudla ompofu ngasese. Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, inqaba yamanzi amaningi. Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu. Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni, nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami. UJehova, iNkosi yami, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi, angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu.