UHabhakuki 1:1-11

UHabhakuki 1:1-11 ZUL20

Isiphrofetho esabonwa nguHabhakuki umphrofethi. Kuyoze kube nini Simakade ngikhalela usizo, ungezwa, ngikhala kuwe kalusizi, ungasindisi na? Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile. Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe. Bhekani phakathi kwezizwe, nibuke, nishaqeke ngokumangala, ngokuba ngizakwenza isimanga ezinsukwini zenu eningayukusikholwa, lapho kulandwa ngaso. Ngokuba niyabona-ke, sengizakuvusa amaKhaledi, isizwe esinonya nesidlovayo, esidabula ebubanzini bomhlaba siyodla izindawo zokuhlala okungesizo ezaso. Siyethusa, siyesabeka; kuphuma kuso ukwehlulela kwaso nesithunzi saso. ukuthi yini elungileyo. Amahhashi aso agijima ukwedlula izingwe, eyesabeka kunamankentshane ebusuku; abagibeli bamahhashi aso bayagabadula, futhi bavela kude abagibeli bamahhashi aso, bandiza njengokhozi luphuthuma elizokudla. Sonke ngothi lwaso sitheleka ngendluzula, ubuso baso buqonde ngqo phambili; sibutha abathunjwa njengesihlabathi. Siklolodela amakhosi, ababusi bayinhlekisa kuso; sihleka zonke izinqaba, senze izindunduma ngomhlabathi, sidle izinqaba. Sidlula njengesiphepho, sidlulele phambili, kodwa sona sinecala, amandla aso angunkulunkulu waso.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UHabhakuki 1:1-11