UHabakuki 1:1-11

UHabakuki 1:1-11 ZUL59

Isiprofetho owasibonayo uHabakuki umprofethi. Ngiyakukuncenga kuze kube nini, Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na? Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka. Ngalokho umthetho uba buthakathaka, nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe. “Bonani phakathi kwabezizwe, nibheke, nimangale nokumangala, ngokuba wenza isenzo ezinsukwini zenu eningayikukholwa yiso, lapho silandwa. Ngokuba bhekani, ngiyavusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo, esidabula ebubanzini bomhlaba ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso. Siyethusa, siyesabeka; kuphuma kuso ukwahlulela kwaso nesithunzi saso. Amahhashi aso anejubane kunezingwe, anonya kunezimpisi zakusihlwa; abamahhashi baso bayaqinisela; yebo, bavela kude abamahhashi baso, bandiza njengokhozi oluphuthuma ukudla. Zonke zifikela indluzula, ubuso bazo bujonga phambili; zibutha abathunjwa njengesihlabathi. Yebo, sibhinqa amakhosi, nababusi balusulu kuso; sihleka zonke izinqaba, sinqwabela uthuli, sizithathe. Bese sikhukhula njengomoya, sidlule, sizitholele icala, sona esimandla aso angunkulunkulu waso.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UHabakuki 1:1-11