IGenesisi 34

34
UDina Woniwa NguShekhemu
1 UDina, indodakazi kaLeya ayeyizalele uJakobe, wavakashela ezinye izintombi zendawo. 2 UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo. 3Wayethathekile nguDina, indodakazi kaJakobe, futhi emthanda, wakhuluma naye wathulula inhliziyo yakhe kuye. 4UShekhemu wakhuluma noyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombi ibe ngumkami.”
5UJakobe wezwa ngesigameko sokungcoliswa kwendodakazi yakhe uDina, kodwa akaze asho lutho kwaze kwafika amadodana akhe evela ekwaluseni.
6UHamori, uyise kaShekhemu wahamba waya kuJakobe eyokhonga. 7 Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.
8UHamori wathi kubo: “Indodana yami uShekhemu iyayithanda indodakazi yenu. Mganiseleni yona ibe ngumkakhe. 9Masiganiselane, nisinike amadodakazi enu abe ngabafazi bethu, nani nithathe amadodakazi ethu abe ngabafazi benu. 10 Hlalani phakathi kwethu, nanti izwe phambi kwenu. Yakhani, nithengiselane, nibe nezindawo zenu.”
11UShekhemu wayesethi kuJakobe nakubafowabo bentombazane: “Uma ngifumene umusa kini, shonini enikufunayo, ngizoninika khona. 12Nqumani ilobolo nezibizo zenu, akukhathaleki ukuthi nibiza kangakanani, mina ngizoninika konke enikufunayo, inqobo nje uma nizongiganisela indodakazi yenu ibe ngumkami.”
13Amadodana kaJakobe aphendula uShekhemu noyise uHamori ngobuqili, ngokuba wayengcolise udadewabo uDina. 14 Athi kubo: “Asikwazi ukwenza into efana naleyo, yokuthatha udadewethu simendise kumuntu ongasokile, onejwabu. Lokho kuyihlazo kithi. 15Siyakuvuma lokho, inqobo nje uma nizoba njengathi, kusoke bonke abesilisa bakini. 16Siyakuninika amadodakazi ethu, nathi sizithathele amadodakazi enu, sihlale nani, sibe sizwe sinye. 17Kepha-ke uma ningavumelani nokuthi nisokwe, sizothatha udadewethu sihambe naye.”
18Amazwi abo ayithola indawo kuHamori noShekhemu indodana yakhe. 19Le nsizwa ayipholisanga maseko, yasoka, kwazise yayisha amashushu ngoDina, futhi ihlonishwa kakhulu kunabo bonke abendlu kayise.
20UHamori nendodana yakhe baphumela esigcawini somuzi, bakhuluma nezakhamuzi, bathi: 21“Laba bantu bahlezi ngokuthula nathi. Asibavumele bahambe bazithengele izindawo ngokuba izwe libanzi nxazonke, ukuze sikwazi ukuganiselana nabo. 22Bavumile ukuthi bangahlala phakathi kwethu, sibe muntu munye, kuphela nje uma bonke abesilisa phakathi kwethu bezosokwa njengoba nabo besokiwe. 23Uma sibavumela, imihlambi yabo, impahla yabo, nayo yonke imfuyo yabo, akuyukuba ngokwethu na?”
24 Zonke izakhamuzi zavumelana noHamori nendodana yakhe uShekhemu, bonke abesilisa ababakhe kuleyo ndawo basokwa.
Abafowabo BakaDina Bayamphindiselela
25 Kwathi ngosuku lwesithathu isabhokile iminjunju yokusokwa, amadodana kaJakobe, uSimeyoni noLevi, abafowabo bakaDina, bathatha kwaba yilowo nalowo inkemba, baphuma bayohlasela umuzi iShekhemu isinyelela, bashaya icole kwabesilisa. 26Babulala uHamori noShekhemu indodana yakhe ngenkemba, bakhipha uDina endlini kaShekhemu, bahamba naye. 27Afika namanye amadodana kaJakobe afica izidumbu, ayesewuphanga umuzi, ngokuba wayengcoliselwe lapho udadewabo. 28Bashaqa imihlambi yezimvu, izinkomo, izimbongolo zabo, okwakusemzini nasemadlelweni, 29nayo yonke ingcebo, bathumba izingane, amakhosikazi, bakuphanga konke okwakusezindlini.
30 UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”
31Bamphendula bathi: “Bekufanele yini udadewethu aphathiswe okwesifebe na?”

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 34: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume