IGenesisi 33

33
Ukubuyisana KukaJakobe No-Esawu
UJakobe Uhlangana No-Esawu
1 UJakobe waphakamisa amehlo, wambona u-Esawu eza namadoda angama-400. Wehlukanisa abantwana bakhe, abanye bahamba noLeya, abanye noRaheli, abanye bahamba nezancinza zombili. 2Wabeka izancinza nabantwana bazo phambili, kwalandela uLeya nabantwana bakhe, kwagcina uRaheli noJosefa. 3Yena siqu wahamba phambili, ehamba ekhothama ngobuso emhlabathini kwaze kwaba kasikhombisa, waze wafika kumnewabo.
4 Kepha u-Esawu wathathela ngejubane wamhlangabeza uJakobe umnawakhe, wafike wamgona, wamgomothela, wamanga, base bekhala. 5 Lapho u-Esawu ephakamisa amehlo ebona abesifazane nabantwana, wathi: “Ngobani laba ohamba nabo na?”
UJakobe wamphendula wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ngomusa wakhe abaphe inceku yakho.”
6Izancinza nabantwana bazo basondela, bakhothama ngobuso emhlabathini. 7Kwalandela uLeya nabantwana bakhe, nabo bakhothama, kwase kugcina uJosefa noRaheli, nabo bakhothama.
8 U-Esawu wathi: “Ngabe iyini injongo yakho ngayo yonke le mihlambi engihlangane nayo na?”
Wamphendula wathi: “Ukuba ngithole umusa enkosini yami.”
9 U-Esawu wathi kuye: “Nginokwanele mnawami, zigcinele wena imfuyo yakho.”
10UJakobe wathi: “Qha, uma ngifumene umusa kuwe, samukele isipho esivela kimi, ngokuba ukubona ubuso bakho nje kufana nokubona ubuso bukaNkulunkulu, njengoba ungamukele ngomusa ongaka. 11 Ngiyakuncenga, samukele isipho sami esithunyelwe kuwe, ngokuba uNkulunkulu ube nomusa kimi, futhi nginakho konke engikudingayo.”
UJakobe waqhubeka emncenga, u-Esawu wagcina esesemukele isipho sakhe.
12U-Esawu wathi: “Masisuke sihambe, mina ngizohamba phambi kwakho.”
13UJakobe wathi: “Inkosi yami iyazibonela ukuthi abantwana basebancane, nokuthi izimvu nezinkomo engiziqhubayo ziyancelisa. Uma singakuxina usuku lube lunye nje, kungafa wonke umhlambi. 14 Ngicela inkosi yami idlule phambi kwenceku yayo, mina ngizobe ngitotobisa umhlambi nabantwana, ngize ngifinyelele emzini wenkosi yami eSeyiri.”
15U-Esawu wathi: “Angikushiye namanye amadoda kulawa engihamba nawo.”
UJakobe wathi: “Kungani inkosi yami ingenzela umusa ongaka na?”
16Ngalolo lusuku u-Esawu waphindela emuva, wabamba indlela ebheke eSeyiri. 17 UJakobe walibhekisa eSukhothi, wafike wathi gozololo khona, wakha nemipheme yemfuyo yakhe. Yingakho nje leyo ndawo ayibiza ngokuthi yiSukhothi.
Ukufika KukaJakobe EShekhemu
18 UJakobe wafika ephephile emzini iShekhemu owawuseKhanani, evela ePhadani Aramu, wagoba amadlangala phambi komuzi. 19 Wathenga isiqinti kuleyo nsimu ayegobe kuyo amadlangala, emadodaneni kaHamori, uyise kaShekhemu; sasibiza ikhulu lezinhlamvu zesiliva zenani eliphezulu. 20Wakha i-althare lapho, walibiza ngokuthi yi-Eli Elohe Israyeli.

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 33: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume