IGenesisi 35

35
UJakobe Ubuyela EBhethele
1 UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBhethele, uhlale lapho. Yakha i-althare lapho, ulakhele uNkulunkulu ozibonakalise kuwe ngesikhathi ubalekela umnewenu u-Esawu.”
2 UJakobe wathi emndenini wakhe nakubo bonke ayenabo: “Lahlani bonke onkulunkulu bezizwe eninabo, nizihlambulule, bese nigqoka izingubo ezihlanzekileyo. 3 Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”
4Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu. 5Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.
6 UJakobe wafinyelela eLuzi, eKhanani, okuyiBhethele, nabo bonke ayehamba nabo. 7Wakha lapho i-althare, leyo ndawo wayibiza ngokuthi yi-Eli Bhethele, ngokuba kulapho uNkulunkulu azibonakalisa kuye khona mhla ebalekela umnewabo.
8 UDebhora, umzanyana kaRibheka wafa, wangcwatshwa phansi kwesihlahla somu-okhi ezansi neBhethele. Ngakho-ke sabizwa ngokuthi yi-Aloni Bhakhuthi.
Ukubusiswa KukaJakobe Nokuguqulwa Kwegama
9 UNkulunkulu wabonakala futhi kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani Aramu, wambusisa, 10 wathi:
“Igama lakho unguJakobe,
kodwa awusezukubizwa ngoJakobe,
usuzobizwa ngo-Israyeli.”
Ngakho-ke wabizwa ngo-Israyeli.
11 UNkulunkulu wathi kuye:
“NginguNkulunkulu uSomandla.
Zala wande,
ube yisizwe esikhulu.
Kuwe kuyovela izizwe eziningi.
Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.
12 Nezwe engalabela u-Abhrahama no-Isaka
nawe ngikwabela lona nezizukulwane zakho.”
13UNkulunkulu wenyuka, wamshiya uJakobe lapho ayekade ekhulume naye khona. 14 UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo. 15Wayibiza leyo ndawo uNkulunkulu ayekhulume naye kuyo wathi yiBhethele.
Ukufa KukaRaheli Nokuzalwa KukaBhenjamini
16 Bathutha eBhethele. Kuthe kuselibangana ukuba bafike e-Efratha, uRaheli wabeletha emveni kokuhelelwa kanzima. 17 Kwathi lapho isenzima ngempela imihelo yakhe, umbelethisi wamqinisa idolo, wathi: “Ungesabi, ngokuba uzothola enye indodana.”
18 Eseyalela sekuphuma umphefumulo, wayiqamba igama wathi nguBhenoni, kodwa uyise wathi nguBhenjamini. 19 URaheli wafa, wangcwatshwa ngasendleleni eya e-Efratha, okuyiBhethlehema. 20 UJakobe wamisa insika phezu kwethuna likaRaheli, lelo thuna liselapho kuze kube namuhla.
21U-Israyeli wathutha lapho, wayogoba amadlangala ngale kombhoshongo e-Ederi. 22 Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba.
Amadodana KaJakobe
(1 IZik. 2:1-2)
UJakobe wayenamadodana ali-12. 23 Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni. 24 Amadodana kaRaheli kwakunguJosefa noBhenjamini. 25 Amadodana kaBhiliha incekukazi kaRaheli kwakunguDani noNafethali. 26 Amadodana kaZilipha incekukazi kaLeya kunguGadi no-Asheri. Yilawo-ke amadodana kaJakobe awazala esePhadani Aramu.
Ukufa Kuka-Isaka
27 UJakobe wafika kuyise u-Isaka eMamre, iKhiriyathi Arbha, okuyiHebhroni, lapho u-Abhrahama no-Isaka babekade begogobele khona. 28 Iminyaka yokuphila ka-Isaka yaba yi-180 isiyonke. 29 U-Isaka wafa, wangcwatshwa noyisemkhulu, esekhulile impela, amadodana akhe o-Esawu noJakobe bamngcwaba.

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 35: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo