KwabaseGalathiya 2:11-14

KwabaseGalathiya 2:11-14 ZUL20

Kepha lapho uKhefase efika e-Antiyokhe, ngamelana naye ubuso nobuso, lokhu wayenecala. Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe, kodwa lapho sebefikile, wamonyuka, wazehlukanisa nabo, ngokuba esaba abokusoka. Nabanye abaJuda bazenzisa njengaye, noBharnabha waze wathatheka ngokuzenzisa kwabo. Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?