KwabaseGalathiya 2:11-14
KwabaseGalathiya 2:11-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha lapho uKhefase efika e-Antiyokhe, ngamelana naye ubuso nobuso, lokhu wayenecala. Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe, kodwa lapho sebefikile, wamonyuka, wazehlukanisa nabo, ngokuba esaba abokusoka. Nabanye abaJuda bazenzisa njengaye, noBharnabha waze wathatheka ngokuzenzisa kwabo. Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?
KwabaseGalathiya 2:11-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala. Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka. Nabanye abaJuda futhi bazenzisa kanye naye, waze wathatheka noBarnaba ngokuzenzisa kwabo. Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?
KwabaseGalathiya 2:11-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha uPetru esefikile e-Antiyokiya ngamelana naye ebusweni, ngokuba wayenecala. Ngokuba bengakafiki abathile ababevela kuJakobe, wadla nabezizwe; Nabanye abaJuda bazenzisa kanye naye; waze wathatheka noBarnabasi ngokuzenzisa kwabo. Kodwa kuthe ngibona ukuthi kabahambanga ngokuqondileyo njengokweqiniso levangeli, ngathi kuPetro phambi kwabo bonke: Uba wena ongumJuda uphila ngendlela yabezizwe, hatshi eyamaJuda, ubacindezela ngani abaJuda? AbeZizwe ukuba baphile njengamaJuda?
KwabaseGalathiya 2:11-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)