UHezekeli 20:1-9

UHezekeli 20:1-9 ZUL20

Kwathi ngonyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi lwenyanga, kwafika amadoda angamalunga akwa-Israyeli ukuzobuza kuSimakade; ahlala phambi kwami. Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, khuluma namalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nize ukuzobuza kimi na? Ngifunga ngiyagomela, angiyukubuzwa yinina,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade. “Ndodana yomuntu uzakubehlulela yini, uzakubehlulela na? Bazise izinengiso zokhokho babo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngosuku engamkhetha ngalo u-Israyeli ngafunga ozalweni lwendlu kaJakobe, ngazambula kubo eGibhithe, ngafunga ngathi: NginguSimakade uNkulunkulu wenu. “ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe. Ngathi kubo: Makube yilowo nalowo alahle okwenyanyekayo emehlweni akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.” “ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe. Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kuzo bebuka, ngokubakhipha eGibhithe.