UHezekeli 20:1-9
UHezekeli 20:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngonyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi lwenyanga, kwafika amadoda angamalunga akwa-Israyeli ukuzobuza kuSimakade; ahlala phambi kwami. Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, khuluma namalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nize ukuzobuza kimi na? Ngifunga ngiyagomela, angiyukubuzwa yinina,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade. “Ndodana yomuntu uzakubehlulela yini, uzakubehlulela na? Bazise izinengiso zokhokho babo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngosuku engamkhetha ngalo u-Israyeli ngafunga ozalweni lwendlu kaJakobe, ngazambula kubo eGibhithe, ngafunga ngathi: NginguSimakade uNkulunkulu wenu. “ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe. Ngathi kubo: Makube yilowo nalowo alahle okwenyanyekayo emehlweni akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.” “ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe. Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kuzo bebuka, ngokubakhipha eGibhithe.
UHezekeli 20:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga kwafika amadoda athile amalunga akwa-Israyeli ukuba abuze kuJehova; ahlala phambi kwami. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, khuluma emalungeni akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nifike ukubuza kimi na? Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.’ “Uma ubahlulela, uma ubahlulela, ndodana yomuntu, bazise izinengiso zawoyise, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami, ngazazisa kubo ezweni laseGibithe, ngabaphakamisela isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu.” Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe. Ngathi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.” “ ‘Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, abazishiyanga izithombe zaseGibithe; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe. Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.
UHezekeli 20:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, kwafika amadoda amalunga akwa-Israyeli ukuzobuza uJehova, ahlala phambi kwami. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, khuluma kumalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: Usho kanje uJehova; Uyeza uzongithinta? Kuphila kwami, usho uJehova, angiyikubuzwa yinina. Uyathanda ukubahlulela, ndodana yomuntu, uyathanda ukubahlulela na? mabazazi izinengiso zawoyise; Uzakuthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli, ngaphakamisela isandla sami enzalweni yendlu kaJakobe, ngazibonakalisa kubo ezweni laseGibithe, ngiphakamisela kubo isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu; mhla ngibaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe ngibayise ezweni engangibabonele lona, elichichima ubisi nezinyosi, eliwudumo lwamazwe onke. Ngase ngithi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo izinengiso zamehlo akhe, ningazingcolisi ngonkulunkulu abangcolileyo baseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe. Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kubo phambi kwamehlo azo ngokubakhupha elizweni leGibhithe.