UHezekeli 20:1-9

UHezekeli 20:1-9 ZUL59

Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga kwafika amadoda athile amalunga akwa-Israyeli ukuba abuze kuJehova; ahlala phambi kwami. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, khuluma emalungeni akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nifike ukubuza kimi na? Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.’ “Uma ubahlulela, uma ubahlulela, ndodana yomuntu, bazise izinengiso zawoyise, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami, ngazazisa kubo ezweni laseGibithe, ngabaphakamisela isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu.” Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe. Ngathi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.” “ ‘Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, abazishiyanga izithombe zaseGibithe; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe. Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.