“Ndodana yomuntu, lawa madoda azifake ezinhliziyweni izithombe zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kwawo. Imbala ngingawavumela yini nempela ukuba azobuza kimi na? Ngakho-ke khuluma kuwo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli, ofaka izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, nobeka isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eza kumphrofethi, Mina Simakade ngiyakumphendula ngobuningi bezithombe zakhe, ukuze ngibambe indlu ka-Israyeli ededileyo kimi ngenhliziyo yayo ngenxa yazo zonke izithombe zayo.” ’ ” “Ngakho-ke yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Phendukani! Nilahle izithombe zenu, nizifulathele zonke izinengiso. “ ‘ “Ngokuba yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozehlukanisa nami, afake izithombe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eya kumphrofethi ukuba abuze ngami, Mina Simakade, ngiyakumphendula mathupha. Ngiyakubhekana ngqo nalowo muntu, ngimenze abe yisibonakaliso nesaga, ngimsuse kubantu bami, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.
Funda UHezekeli 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UHezekeli 14:3-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo