UHezekeli 14

14
Isijeziso Sabakhonza Izithombe
1Kwase kufika kimi amadoda angamalunga akwa-Israyeli, ahlala phambi kwami. 2Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 3“Ndodana yomuntu, lawa madoda azifake ezinhliziyweni izithombe zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kwawo. Imbala ngingawavumela yini nempela ukuba azobuza kimi na? 4Ngakho-ke khuluma kuwo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli, ofaka izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, nobeka isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eza kumphrofethi, Mina Simakade ngiyakumphendula ngobuningi bezithombe zakhe, 5ukuze ngibambe indlu ka-Israyeli ededileyo kimi ngenhliziyo yayo ngenxa yazo zonke izithombe zayo.” ’ ”
6“Ngakho-ke yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Phendukani! Nilahle izithombe zenu, nizifulathele zonke izinengiso.
7“ ‘ “Ngokuba yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozehlukanisa nami, afake izithombe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eya kumphrofethi ukuba abuze ngami, Mina Simakade, ngiyakumphendula mathupha. 8Ngiyakubhekana ngqo nalowo muntu, ngimenze abe yisibonakaliso nesaga, ngimsuse kubantu bami, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.
9“ ‘ “Uma umphrofethi eyengeka bese ekhuluma izwi, Mina Simakade ngimyengile lowo mphrofethi; ngiyakwelulela isandla sami kuye, ngimelane naye, ngimbhubhise kubantu bami u-Israyeli. 10Bobabili bayakuthwala icala, lowo obuzile uyakuba necala kanjalo nomphrofethi okubuzwe kuye, 11ukuze indlu yakwa-Israyeli ingabe isaduka futhi isuke kimi, ingazingcolisi futhi ngazo zonke iziphambeko zayo, kodwa iyakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wayo, kusho inkosi uNkulunkulu.” ’ ”
12Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 13“Ndodana yomuntu, uma izwe lona kimi ngokwenza ukungethembeki, ngiyakwelula isandla sami ngimelane nalo, ngiqede umthombo walo wokudla, ngithumele indlala kulo, ngibulale abantu nezilwane okukulo. 14Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.
15“Uma ngithumela izilwane zasendle ezweni ukuba zilenze lingabi nabantwana, libe yincithakalo, kungadluli umuntu kulo ngenxa yezilwane, 16noma ngabe abekhona kulo lawo madoda amathathu, ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, abengeke akwazi ukusindisa amadodana namadodakazi awo, kodwa bekuyosindiswa wona kuphela, izwe libe yincithakalo.
17“Nakuba ngehlisela inkemba ezweni, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ngibulale kulo abantu nezilwane, 18noma ngabe abekhona lawo madoda amathathu kulo, ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, abengeke akwazi ukusindisa amadodana namadodakazi awo, kodwa bekuyosindiswa wona kuphela.
19“Nakuba bengiyakuthumela ubhubhane kulelo lizwe, ngithululele kulo ulaka lwami ngokuba kuchitheke igazi ukuba ngiqede nya abantu nezilwane kulo, 20noma ngabe bekungaba khona uNowa, uDaniyeli, noJobe kulo, ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, bebengeke bakwazi ukusindisa amadodana namadodakazi awo, kodwa bebeyosindisa impilo yabo kuphela, ngenxa yokulunga kwabo.
21“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo! 22Kepha, kuyosala kulo insali ephunyukileyo; amadodana namadodakazi ayakukhishwa kulo, ayokuza kini, kuyothi lapho nibona ukuziphatha kwawo nemisebenzi yawo, niduduzeke, ngenxa yobubi engibenze behlela iJerusalema, nangenhlekelele engiyehlisele phezu kweJerusalema.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 14: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume