UHezekeli 13

13
Isiphrofetho Ngabaphrofethi Bamanga
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, phrofetha umelane nabaphrofethi bakwa-Israyeli abaphrofethayo. Yithi kubaphrofethi abaphrofetha abakucabangayo: ‘Zwanini izwi likaSimakade. 3Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubaphrofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo, nalokho abangakubonanga! 4Wena Israyeli, abaphrofethi bakho bafana nezimpungushe ezindaweni eziyincithakalo. 5Anenyukelanga ezikhaleni, navala ugange lwendlu ka-Israyeli, ukuze nimelane nempi ngosuku lukaSimakade.” ’ ”
6Bakubonile okuyize namanga okubhula, labo abathi: “Kusho uSimakade,” kodwa uSimakade akabathumanga, nokho balindele ukuthi lifezeke izwi labo. 7Anibonanga yini umbono oyize, nabhula okungamanga, lapho nithi: “Kusho uSimakade,” ngibe Mina ngingazange ngikhulume na?
8“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba nikhulume okuyize, nabona okungamanga; ngalokho-ke, ngimelene nani, kusho iNkosi uSimakade. 9Isandla sami siyakumelana nabaphrofethi ababona okuyize nababhula amanga. Abayukuba semkhandlwini wabantu bami, ngeke balotshwe encwadini yendlu yakwa-Israyeli, futhi abayukungena ezweni lakwa-Israyeli, niyakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.
10“ ‘ “Ngokuba, impela, babadukisile abantu bami, bathi: Ngukuthula, kube kungekho ukuthula, nangenxa yokuthi lapho kwakhiwa ugange, bona balugudule ngomcako. 11Batshele abagudula ngomcako ukuthi luyakuwa ugange. Kuyakuna imvula enkulu enezikhukhula, nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu ulubhidlize.”
12“ ‘Lapho ugange seluwile, akuyukushiwo yini kini, kuthiwe: “Uphi umcako enigudule ngawo?” na?
13“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakudedela isivunguvungu ngentukuthelo yami, nemvula enezikhukhula ngolaka lwami, kwehle isichotho ngolaka oluqothulayo. 14Ngiyakulubhidliza ugange enalugudula ngomcako, ngiluthele othulini, kwambuleke nesisekelo salo. Luyakuwa, nina enikulo niqedwe nya, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade. 15Ulaka lwami ngizolukhiphela ogangeni, nakulabo abalugudula ngomcako, bese ngithi kini: Alusekho ugange, abasekho nabalugudulayo, 16abaphrofethi bakwa-Israyeli abaphrofetha kulo iJerusalema, nabalibonela imibono yokuthula, kube kungekho kuthula, kusho iNkosi uSimakade.” ’
17“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kumadodakazi abantu bakini, umelane nawo, abaphrofetha okuvela enhliziyweni yawo, bese uphrofetha kuwo. 18Uyakuthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye kwabesifazane abathunga izigqizo zezihlakala zezandla zabo bonke, benze amaveyili amade emakhanda ezithombe zonke, ukuze bazingele imiphefumulo yabantu. Niyoyizingela yini imiphefumulo yabantu bami, niyilondoloze eyenu imiphefumulo na? 19Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”
20“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngimelene nezigqizo enizigome ngazo, nenizingela ngazo imiphefumulo njengezinyoni. Ngizakuzidabula ezingalweni zenu, ngikhulule imiphefumulo eniyizingela njengenyoni. 21Ngizakudabula amaveyili enu amade, ngibakhulule abantu bami esandleni senu, bangaphinde futhi babe yimpango esandleni senu, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade. 22Ngokuba nidabukise inhliziyo yolungileyo ngamanga; Mina angizange ngimdabukise; niqinise izandla zezikhohlakali ukuze zingaphenduki endleleni yazo embi, zisindiswe. 23Ngakho anisayukukubona okuyize, anisayukubhula. Ngiyakubahlenga futhi abantu bami esandleni senu, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.” ’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume