UHezekeli 14:3-8
UHezekeli 14:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na? Qha! Ngalokho khuluma kuwona, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe, ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’ “Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu, nifulathele zonke izinengiso zenu. “ ‘Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami, angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami, ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga, ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami, nazi ukuthi nginguJehova.
UHezekeli 14:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ndodana yomuntu, lawa madoda azifake ezinhliziyweni izithombe zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kwawo. Imbala ngingawavumela yini nempela ukuba azobuza kimi na? Ngakho-ke khuluma kuwo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli, ofaka izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, nobeka isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eza kumphrofethi, Mina Simakade ngiyakumphendula ngobuningi bezithombe zakhe, ukuze ngibambe indlu ka-Israyeli ededileyo kimi ngenhliziyo yayo ngenxa yazo zonke izithombe zayo.” ’ ” “Ngakho-ke yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Phendukani! Nilahle izithombe zenu, nizifulathele zonke izinengiso. “ ‘ “Ngokuba yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozehlukanisa nami, afake izithombe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eya kumphrofethi ukuba abuze ngami, Mina Simakade, ngiyakumphendula mathupha. Ngiyakubhekana ngqo nalowo muntu, ngimenze abe yisibonakaliso nesaga, ngimsuse kubantu bami, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.
UHezekeli 14:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na? Qha! Ngalokho khuluma kuwona, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe, ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’ “Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu, nifulathele zonke izinengiso zenu. “ ‘Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami, angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami, ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga, ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami, nazi ukuthi nginguJehova.
UHezekeli 14:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ndodana yomuntu, la madoda abeke izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka phambi kwawo isikhubekiso sobubi bawo; kufanele ngikhulume nabo nhlobo? Ngakho khuluma kubo uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli ophakamisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sobubi bakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi; Mina Jehova ngiyakumphendula ozayo njengobuningi bezithombe zakhe; ukuze ngifake indlu ka-Israyeli enhliziyweni yayo, ngokuba bonke behlukanisiwe nami ngezithombe zabo. Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nifulathele izithombe zenu; bususe ubuso bakho kuzo zonke izinengiso zakho. Ngoba yilowo lalowo wendlu kaIsrayeli loba owemzini ogogobeleyo koIsrayeli, ozazahlukanisa lami, abeke izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sobubi bakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukubuza kuye. Mayelana nami; Mina Jehova ngizamphendula ngokwami; Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimenze isibonakaliso nesaga, ngimnqume phakathi kwabantu bami; nizokwazi ukuthi nginguJehova.