UHezekeli 1:4-9

UHezekeli 1:4-9 ZUL20

Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo. Kulokho kukhanya kwavela umfanekiso wezidalwa eziphilayo ezine, ezibukeka njengabantu, kodwa yileso naleso sidalwa sasinobuso obune, namaphiko amane. Imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo efana namathe ezinselo zethole, zazimenyezela njengethusi elicwebezelisiweyo. Phansi kwamaphiko azo, ezinhlangothini zozine, zazinezandla zomuntu. Zozine, ubuso bazo namaphiko azo kwakunje: amaphiko azo ayethintene, yileso naleso sasingaphenduki lapho sihamba, yileso naleso sasihamba siqonde lapho kubheke khona ubuso baso.