UHezekeli 1:4-9
UHezekeli 1:4-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo. Kulokho kukhanya kwavela umfanekiso wezidalwa eziphilayo ezine, ezibukeka njengabantu, kodwa yileso naleso sidalwa sasinobuso obune, namaphiko amane. Imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo efana namathe ezinselo zethole, zazimenyezela njengethusi elicwebezelisiweyo. Phansi kwamaphiko azo, ezinhlangothini zozine, zazinezandla zomuntu. Zozine, ubuso bazo namaphiko azo kwakunje: amaphiko azo ayethintene, yileso naleso sasingaphenduki lapho sihamba, yileso naleso sasihamba siqonde lapho kubheke khona ubuso baso.
UHezekeli 1:4-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni. Phakathi kwakho kwaphuma umfanekiso wezidalwa ezine, nesimo sazo sasiyilesi: zafana nabantu, kepha yileso naleso sasinobuso obune, futhi sasinamaphiko amane; imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo. Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine. Ubuso namaphiko alezi ezine kwakunje: amaphiko azo ayehlangene, elinye nelinye; aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso.
UHezekeli 1:4-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngabona, bheka, kwavela umoya oyisivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu nomlilo ulisibekela, nokukhanya nxazonke zalo, nokuvela kulo okunjengombala wenhlaka, kuvela phakathi komlilo. Kulowo futhi kwavela umfanekiso wezidalwa ezine eziphilayo. Futhi lokhu kwakuyisimo sabo; babenesimo somuntu. Yilelo nalelo lalinobuso obune, yileso naleso sasinamaphiko amane. Izinyawo zazo zaziyizinyawo eziqondile; amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe onyawo lwethole, ayekhazimula njengombala wethusi elikhazimulayo. Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine; zozine zazinobuso bazo namaphiko azo. Amaphiko azo ayehlangene; aziphendukanga ekuhambeni kwazo; baqonda phambili, kwaba yilowo nalowo.