UHezekeli 1

1
Umphrofethi Ubona UNkulunkulu
1Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu.
2Ngosuku lwesihlanu lwenyanga, ngonyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakhini, 3kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho.
4Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo. 5Kulokho kukhanya kwavela umfanekiso wezidalwa eziphilayo ezine, ezibukeka njengabantu, 6kodwa yileso naleso sidalwa sasinobuso obune, namaphiko amane. 7Imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo efana namathe ezinselo zethole, zazimenyezela njengethusi elicwebezelisiweyo. 8Phansi kwamaphiko azo, ezinhlangothini zozine, zazinezandla zomuntu. Zozine, ubuso bazo namaphiko azo kwakunje: 9amaphiko azo ayethintene, yileso naleso sasingaphenduki lapho sihamba, yileso naleso sasihamba siqonde lapho kubheke khona ubuso baso.
10Isimo sobuso bazo sasifana nobuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, obenkomo ngakwesokhohlo, nobuso bokhozi. 11Babunjalo-ke ubuso bazo zozine. Amaphiko azo ayelulekele phezulu. Kuyilelo nalelo lamaphiko amabili ethintene, kuthi amabili emboze imizimba yazo. 12Yileso naleso sasihamba siqonde phambili. Kwakuthi lapho kuya khona uMoya, nazo ziye ngakhona; zazingaphenduki uma zihamba. 13Isimo sezidalwa eziphilayo sasibukeka njengamalahle avutha umlilo, zivutha njengezibani, umlilo wawehla wenyuka phakathi kwezidalwa eziphilayo. Umlilo wawumenyezela kuphuma unyazi kuwo. 14Izidalwa eziphilayo zazigijima ziye phambili nasemuva njengombani.
15Ngathi ngisazibuka izidalwa eziphilayo, ngabona isondo emhlabathini, eceleni kwaleso naleso sidalwa esiphilayo, esinobuso obune. 16Ukubukeka kwamasondo nokwakhiwa kwawo kwakunjengekhrisolithe, omane efana nse. Ayakhiwe kungathi isondo liphakathi kwelinye isondo. 17Ayehamba kuyilelo ohlangothini lwalo, awazange aphenduke, kuzona zozine izinhlangothi ayekuzo. 18Amarimu awo ayephakeme, futhi emangalisa; omane amarimu ayegcwele amehlo nxazonke.
19Kwakuthi uma kuhamba izidalwa eziphilayo, kuhambe namasondo ayeseceleni kwaleso naleso sidalwa. Kuthi lapho izidalwa eziphilayo ziphakanyiswa emhlabeni, namasondo aphakanyiswe. 20Noma kuphi lapho umoya wawuya khona, ayeya ngakhona namasondo, aphakame eceleni kwazo, umoya wezidalwa eziphilayo wawusemasondweni. 21Lapho izidalwa zihamba, nawo ayehamba, kuthi lapho zima, nawo ame, nalapho izidalwa ziphakanyiswa emhlabeni, nawo aphakanyiswe kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wawusemasondweni.
22Phezu kwamakhanda ezidalwa, kwakukhona okungathi ngumkhathi, kunjengekhristalu elimangalisayo, kwendlalwe phezu kwamakhanda azo. 23Phansi komkhathi, amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngapha, sinamabili nangapha. 24Kwathi lapho zihamba ngezwa umsindo wamaphiko azo ufana nomsindo wamanzi amaningi, unjengezwi likaSomandla nanjengomsindo weziqubulo zempi. Kwakuthi lapho zima, ziwehlise amaphiko azo.
25Kwase kuzwakala izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo. Lapho sezimile zawehlisa amaphiko azo. 26Ngaphezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakukhona okungathi yitshe lesafire, libukeka njengesihlalo sobukhosi. Phezu kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu. 27Kwesingenhla sokusamuntu, okhalo lwakho, ngabona ithusi elimenyezelayo, into efana nomlilo imzungezile. Kwesingezansi sakhe kulokhu okubukeka salukhalo, ngabona umlilo ukhazimula nxazonke. 28Njengothingo lwenkosazana emva kwemvula, kwakubonakala kunjalo ukumenyezela kwakho nxazonke. Kwakufana nenkazimulo kaSimakade. Kwathi lapho ngiyibona ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume