ISililo 5

5
Umkhuleko Wokucela Uzwelo
1 Khumbula Simakade, okusehleleyo!
Bheka, ubone ihlazo lethu!
2 Ifa lethu seliphendulwe laba ngelabafokazi,
izindlu zethu zaba ngezabezizwe.
3 Siyizintandane, asinababa,
omama bethu sebefana nabafelokazi.
4 Amanzi ethu siwaphuza ngemali,
izinkuni zethu sesizithola ngokuzithenga.
5 Abasixoshayo basihleli entanyeni,
sikhathele, asikutholi ukuphumula.
6Sizinikele kwabaseGibhithe nakwabase-Asiriya,
ukuze sithole isinkwa, sisuthe.
7 Okhokho bethu benza okubi,
manje abasekho,
kodwa sekuyithi esesithweswe ububi babo.
8 Sesibuswa yizigqila;
akekho ongasikhulula esandleni sazo.
9 Uma sifuna ukuthola ukudla,
sibeka impilo yethu engcupheni
yokudliwa yinkemba ogwadule.
10 Isikhumba sethu sishisisa okweziko
ngenxa yokubhuqwabhuqwa yindlala.
11 Badlwengula abesifazane eZiyoni,
nezintombi emizini yakwaJuda.
12 Izikhulu ziphanyekwa ngezandla zazo;
abahlonishwa nabadala.
13Izinsizwa zithwaliswa amatshe okusila.
Abafana babhamazeliswa yimithwalo yezinkuni.
14 Akusahlali zingwevu esangweni,
nezinsizwa azisayivumi ingoma yazo.
15 Iphelile intokozo yenhliziyo yethu,
ukusina kwethu sekuphenduke ukulila.
16 Umqhele uwile ekhanda lethu.
Maye, kithi, ngokuba sonile!
17 Ngalokho-ke inhliziyo yethu idangele;
ngenxa yalezo zinto,
amehlo ethu afiphele.
18Phezu kwentaba iZiyoni esiyincithakalo,
sekuzulazula amanketshane.
19 Wena Simakade, umi ingunaphakade,
isihlalo sakho sobukhosi
siyoba khona izizukulwane ngezizukulwane.
20 Usikhohlweleni isikhathi eside kangaka na?
Usilahleleni izinsuku eziningi kangaka na?
21 Sibuyisele kuwe, Simakade, siyakubuya;
yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasemandulo;
22 ngaphandle uma ususilahle unomphelo,
wasithukuthelela kakhulu.

Okuqokiwe okwamanje:

ISililo 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume