UHezekeli 1:1-28

UHezekeli 1:1-28 ZUL20

Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu. Ngosuku lwesihlanu lwenyanga, ngonyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakhini, kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho. Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo. Kulokho kukhanya kwavela umfanekiso wezidalwa eziphilayo ezine, ezibukeka njengabantu, kodwa yileso naleso sidalwa sasinobuso obune, namaphiko amane. Imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo efana namathe ezinselo zethole, zazimenyezela njengethusi elicwebezelisiweyo. Phansi kwamaphiko azo, ezinhlangothini zozine, zazinezandla zomuntu. Zozine, ubuso bazo namaphiko azo kwakunje: amaphiko azo ayethintene, yileso naleso sasingaphenduki lapho sihamba, yileso naleso sasihamba siqonde lapho kubheke khona ubuso baso. Isimo sobuso bazo sasifana nobuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, obenkomo ngakwesokhohlo, nobuso bokhozi. Babunjalo-ke ubuso bazo zozine. Amaphiko azo ayelulekele phezulu. Kuyilelo nalelo lamaphiko amabili ethintene, kuthi amabili emboze imizimba yazo. Yileso naleso sasihamba siqonde phambili. Kwakuthi lapho kuya khona uMoya, nazo ziye ngakhona; zazingaphenduki uma zihamba. Isimo sezidalwa eziphilayo sasibukeka njengamalahle avutha umlilo, zivutha njengezibani, umlilo wawehla wenyuka phakathi kwezidalwa eziphilayo. Umlilo wawumenyezela kuphuma unyazi kuwo. Izidalwa eziphilayo zazigijima ziye phambili nasemuva njengombani. Ngathi ngisazibuka izidalwa eziphilayo, ngabona isondo emhlabathini, eceleni kwaleso naleso sidalwa esiphilayo, esinobuso obune. Ukubukeka kwamasondo nokwakhiwa kwawo kwakunjengekhrisolithe, omane efana nse. Ayakhiwe kungathi isondo liphakathi kwelinye isondo. Ayehamba kuyilelo ohlangothini lwalo, awazange aphenduke, kuzona zozine izinhlangothi ayekuzo. Amarimu awo ayephakeme, futhi emangalisa; omane amarimu ayegcwele amehlo nxazonke. Kwakuthi uma kuhamba izidalwa eziphilayo, kuhambe namasondo ayeseceleni kwaleso naleso sidalwa. Kuthi lapho izidalwa eziphilayo ziphakanyiswa emhlabeni, namasondo aphakanyiswe. Noma kuphi lapho umoya wawuya khona, ayeya ngakhona namasondo, aphakame eceleni kwazo, umoya wezidalwa eziphilayo wawusemasondweni. Lapho izidalwa zihamba, nawo ayehamba, kuthi lapho zima, nawo ame, nalapho izidalwa ziphakanyiswa emhlabeni, nawo aphakanyiswe kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wawusemasondweni. Phezu kwamakhanda ezidalwa, kwakukhona okungathi ngumkhathi, kunjengekhristalu elimangalisayo, kwendlalwe phezu kwamakhanda azo. Phansi komkhathi, amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngapha, sinamabili nangapha. Kwathi lapho zihamba ngezwa umsindo wamaphiko azo ufana nomsindo wamanzi amaningi, unjengezwi likaSomandla nanjengomsindo weziqubulo zempi. Kwakuthi lapho zima, ziwehlise amaphiko azo. Kwase kuzwakala izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo. Lapho sezimile zawehlisa amaphiko azo. Ngaphezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakukhona okungathi yitshe lesafire, libukeka njengesihlalo sobukhosi. Phezu kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu. Kwesingenhla sokusamuntu, okhalo lwakho, ngabona ithusi elimenyezelayo, into efana nomlilo imzungezile. Kwesingezansi sakhe kulokhu okubukeka salukhalo, ngabona umlilo ukhazimula nxazonke. Njengothingo lwenkosazana emva kwemvula, kwakubonakala kunjalo ukumenyezela kwakho nxazonke. Kwakufana nenkazimulo kaSimakade. Kwathi lapho ngiyibona ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo