UHezekeli 1:1-28

UHezekeli 1:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu. Ngosuku lwesihlanu lwenyanga, ngonyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakhini, kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho. Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo. Kulokho kukhanya kwavela umfanekiso wezidalwa eziphilayo ezine, ezibukeka njengabantu, kodwa yileso naleso sidalwa sasinobuso obune, namaphiko amane. Imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo efana namathe ezinselo zethole, zazimenyezela njengethusi elicwebezelisiweyo. Phansi kwamaphiko azo, ezinhlangothini zozine, zazinezandla zomuntu. Zozine, ubuso bazo namaphiko azo kwakunje: amaphiko azo ayethintene, yileso naleso sasingaphenduki lapho sihamba, yileso naleso sasihamba siqonde lapho kubheke khona ubuso baso. Isimo sobuso bazo sasifana nobuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, obenkomo ngakwesokhohlo, nobuso bokhozi. Babunjalo-ke ubuso bazo zozine. Amaphiko azo ayelulekele phezulu. Kuyilelo nalelo lamaphiko amabili ethintene, kuthi amabili emboze imizimba yazo. Yileso naleso sasihamba siqonde phambili. Kwakuthi lapho kuya khona uMoya, nazo ziye ngakhona; zazingaphenduki uma zihamba. Isimo sezidalwa eziphilayo sasibukeka njengamalahle avutha umlilo, zivutha njengezibani, umlilo wawehla wenyuka phakathi kwezidalwa eziphilayo. Umlilo wawumenyezela kuphuma unyazi kuwo. Izidalwa eziphilayo zazigijima ziye phambili nasemuva njengombani. Ngathi ngisazibuka izidalwa eziphilayo, ngabona isondo emhlabathini, eceleni kwaleso naleso sidalwa esiphilayo, esinobuso obune. Ukubukeka kwamasondo nokwakhiwa kwawo kwakunjengekhrisolithe, omane efana nse. Ayakhiwe kungathi isondo liphakathi kwelinye isondo. Ayehamba kuyilelo ohlangothini lwalo, awazange aphenduke, kuzona zozine izinhlangothi ayekuzo. Amarimu awo ayephakeme, futhi emangalisa; omane amarimu ayegcwele amehlo nxazonke. Kwakuthi uma kuhamba izidalwa eziphilayo, kuhambe namasondo ayeseceleni kwaleso naleso sidalwa. Kuthi lapho izidalwa eziphilayo ziphakanyiswa emhlabeni, namasondo aphakanyiswe. Noma kuphi lapho umoya wawuya khona, ayeya ngakhona namasondo, aphakame eceleni kwazo, umoya wezidalwa eziphilayo wawusemasondweni. Lapho izidalwa zihamba, nawo ayehamba, kuthi lapho zima, nawo ame, nalapho izidalwa ziphakanyiswa emhlabeni, nawo aphakanyiswe kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wawusemasondweni. Phezu kwamakhanda ezidalwa, kwakukhona okungathi ngumkhathi, kunjengekhristalu elimangalisayo, kwendlalwe phezu kwamakhanda azo. Phansi komkhathi, amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngapha, sinamabili nangapha. Kwathi lapho zihamba ngezwa umsindo wamaphiko azo ufana nomsindo wamanzi amaningi, unjengezwi likaSomandla nanjengomsindo weziqubulo zempi. Kwakuthi lapho zima, ziwehlise amaphiko azo. Kwase kuzwakala izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo. Lapho sezimile zawehlisa amaphiko azo. Ngaphezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakukhona okungathi yitshe lesafire, libukeka njengesihlalo sobukhosi. Phezu kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu. Kwesingenhla sokusamuntu, okhalo lwakho, ngabona ithusi elimenyezelayo, into efana nomlilo imzungezile. Kwesingezansi sakhe kulokhu okubukeka salukhalo, ngabona umlilo ukhazimula nxazonke. Njengothingo lwenkosazana emva kwemvula, kwakubonakala kunjalo ukumenyezela kwakho nxazonke. Kwakufana nenkazimulo kaSimakade. Kwathi lapho ngiyibona ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.

UHezekeli 1:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu, ngenyanga yesine, ngolwesihlanu lwenyanga, ngiphakathi kweziboshwa ngasemfuleni iKebari, lavuleka izulu, ngabona imibono kaNkulunkulu. Ngosuku lwesihlanu lwenyanga, okwakungumnyaka wesihlanu wokuthunjwa kwenkosi uJehoyakini, Izwi likaJehova lafika ngokuqondile kuHezekeli umpristi, indodana kaBusi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari; isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho. Ngabona, bheka, kwavela umoya oyisivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu nomlilo ulisibekela, nokukhanya nxazonke zalo, nokuvela kulo okunjengombala wenhlaka, kuvela phakathi komlilo. Kulowo futhi kwavela umfanekiso wezidalwa ezine eziphilayo. Futhi lokhu kwakuyisimo sabo; babenesimo somuntu. Yilelo nalelo lalinobuso obune, yileso naleso sasinamaphiko amane. Izinyawo zazo zaziyizinyawo eziqondile; amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe onyawo lwethole, ayekhazimula njengombala wethusi elikhazimulayo. Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine; zozine zazinobuso bazo namaphiko azo. Amaphiko azo ayehlangene; aziphendukanga ekuhambeni kwazo; baqonda phambili, kwaba yilowo nalowo. Ngokuqondene nesimo sobuso bazo, zozine zazinobuso bomuntu nobuso bengonyama ngakwesokunene; zozine zazinobuso benkomo ngakwesokhohlo; zozine zazinobuso bokhozi. Babunjalo ubuso bazo, namaphiko azo ayelulekele phezulu; yileso naleso amaphiko amabili ahlangene, amabili embesa imizimba yazo. Bonke baqonda phambili; lapho umoya wawuthanda ukuya khona, zaya khona; futhi awaphendukanga ekuhambeni kwawo. Ngokuqondene nesimo sezidalwa eziphilayo, ukubonakala kwazo kwakunjengamalahle omlilo avuthayo nokubonakala kwezibani; umlilo wawukhazimula, nombani uphuma emlilweni. Izidalwa eziphilayo zazigijima futhi zibuye njengokubonakala kombani. Ngathi ngisabheka izidalwa, bheka, kwakukhona isondo emhlabeni eduze kwezidalwa eziphilayo, nobuso bazo obune. Ukubonakala kwamasondo nomsebenzi wawo kwakunjengombala ocwebezelayo, omane ayefana, nokubukeka kwawo nomsebenzi wawo kwakunjengesondo phakathi kwesondo. Ekuhambeni kwawo ahamba ezinhlangothini zawo zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo. Amasongo awo ayephakeme kangangokuthi ayesabekayo; amasongo awo ayegcwele amehlo nxazonke kuzo zozine. Lapho izidalwa eziphilayo zihamba, amasondo ahamba nazo; kwathi lapho izidalwa eziphilayo ziphakanyiswa emhlabeni, amasondo aphakanyiswa. Lapho umoya wawusiya khona, zaya khona, umoya wazo wawuhamba; amasondo aphakanyiswa ngokumelene nazo, ngokuba umoya wezidalwa eziphilayo wawusemasondo. Ekuhambeni kwawo, lawa ahamba; nalapho bema, bema; nalapho ziphakanyiswa emhlabeni, amasondo aphakanyiswa maqondana nazo, ngokuba umoya wezidalwa wawusemasondo. Okufana komkhathi phezu kwamakhanda ezidalwa eziphilayo kwakunjengombala wekristalu elesabekayo, wendlalwe phezu kwamakhanda azo. Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondile, elinye emva kwelinye; Lapho zihamba, ngezwa umsindo wamaphiko azo, njengomsindo wamanzi amaningi, njengezwi likaSomandla, nomsindo wokukhuluma, njengomsindo webutho; lapho emi, zehlisa amaphiko azo. Kwavela izwi emkhathini owawuphezu kwamakhanda azo, lapho zimi zehlisa amaphiko azo. Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakukhona okufana nesihlalo sobukhosi, kufana nokubonakala kwetshe lesafire; Ngase ngibona okunjengokubonakala komlilo phakathi kwawo nxazonke, kusukela okhalweni lwakhe kuya phezulu, kusukela okhalweni lwakhe kuya phansi, ngabona okungathi kufana nomlilo; ukukhanya nxazonke. Njengokubonakala kothingo olusefwini ngosuku lwemvula, kwakunjalo ukubonakala kokukhanya nxazonke. Lokhu kwakungukubonakala komfanekiso wenkazimulo kaJehova. Ngathi ngibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.

UHezekeli 1:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari, lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu. Ngolwesihlanu lwenyanga ngomnyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakini izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho. Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni. Phakathi kwakho kwaphuma umfanekiso wezidalwa ezine, nesimo sazo sasiyilesi: zafana nabantu, kepha yileso naleso sasinobuso obune, futhi sasinamaphiko amane; imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo. Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine. Ubuso namaphiko alezi ezine kwakunje: amaphiko azo ayehlangene, elinye nelinye; aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso. Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo, zozine zinobuso bokhozi futhi. Babunjalo ubuso bazo. Amaphiko azo ayahlukene phezulu; kuleso naleso amabili ayehlangene, elinye nelinye; amabili ayembesa imizimba yazo. Zahamba zonke ngokuqonda kobuso bazo, zaya khona, lapho umoya wayethanda ukuya khona, aziphendukanga ekuhambeni kwazo. Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani, ahambahamba phakathi kwezidalwa; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi. Izidalwa zagijima, zabuya njengombani. Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine. Ukubonakala kwamasondo nokwenziwa kwawo kwakunjengekrisolithe,* nezimo zawo omane zaziyintonye. Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo. Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine; awaphendukanga ekuhambeni kwawo. Amafelange* awo ayephakeme, ayesabeka; amafelange omane ayegcwele amehlo nxazonke. Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo, nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa. Lapho umoya wayethanda ukuya khona, aya khona, yebo, lapho umoya wayethanda khona; namasondo aphakanyiswa kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni. Ekuhambeni kwazo nawo ahamba; ekumeni kwazo nawo ema; ekuphakanyisweni kwazo emhlabeni aphakanyiswa namasondo kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni. Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu* elimangalisayo, owenekwe phezu kwamakhanda azo phezulu. Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngalapha, sinamabili embesa ngalapha. Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo. Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo. Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire.* Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu. Ngase ngibona okunjengethusi elikhazimulayo, kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke, kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya phezulu; kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwamenyezela nxazonke kwawo. Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo