I-Eksodusi 35:30-34

I-Eksodusi 35:30-34 ZUL20

UMose wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Bhekani, uSimakade umbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, kaHuri, wesizwe sakwaJuda. Umgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, wamupha ikhono, ukuqonda, ulwazi lwanoma yiluphi uhlobo lomsebenzi wezandla, ukuba enze imisebenzi yobungcweti, asebenzise igolide, isiliva nethusi, aqophe amatshe okuhlobisa, abaze ukhuni, nokuba enze yonke imisebenzi yobungcweti. USimakade umphile yena no-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi, wesizwe sakwa-Dani ikhono lokufundisa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo