U-Eksodusi 35:30-34

U-Eksodusi 35:30-34 ZUL59

UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda; umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi, nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti. Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo