Kwabase-Efesu 6:13-23

Kwabase-Efesu 6:13-23 ZUL20

Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho-ke yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke, nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo yomubi evuthayo, namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke, ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli; engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume. Kepha ukuze nani nazi ukuthi nginjani futhi ngenzani, uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini, uyakunazisa konke. Ngimthumele kini ukuba nazi ukuthi sihleli kanjani, nokuba azigqugquzele izinhliziyo zenu. Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Khristu.