Kwabase-Efesu 4:25-27

Kwabase-Efesu 4:25-27 ZUL20

Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye. Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.