Kwabase-Efesu 1:18-23

Kwabase-Efesu 1:18-23 ZUL20

esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu, asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo. Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.