Kwabase-Efesu 1

1
Isibingelelo
1 UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu: 2 makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu, naseNkosini uJesu Khristu.
UPawula Udumisa UNkulunkulu Ngenxa Yensindiso Asenzela Yona NgoKhristu
3 Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya; 4 njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe. 5 Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, 6 ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo, 7 esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe, 8 asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda, 9 esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe, 10 azokuphelelisa ngesikhathi esifanele, ukuhlanganisa konke kuKhristu, konke okusezulwini nokusemhlabeni; 11 kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe, 12ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe. 13 Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso 14 oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kwabangabakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.
UPawula Ucelela Ibandla Ukuba Lazi Ubukhosi BukaKhristu
15 Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu nangothando kubo bonke abangcwele, 16 angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami, 17 ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena, 18 esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, 19 nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu, 20 asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, 21 ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo. 22 Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, 23 lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Efesu 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume