Kwabase-Efesu 2

2
Ngomusa KaNkulunkulu Sisindisiwe NgoKhristu
1 Nani nanifile ngenxa yeziphambeko nezono zenu, 2 lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli, 3 esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.
4 Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, nangenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, 5 nalapho sasifile ngenxa yeziphambeko, wasiphilisa kanye noKhristu – ngomusa nisindisiwe. 6 Wasivusa kanye naye, wasihlalisa naye ezulwini kuKhristu uJesu, 7 ukuze esikhathini esizayo abonakalise kithi ingcebo emangalisayo yomusa wakhe ngobubele bakhe, kuKhristu uJesu.
8 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; lokhu akuveli kini, kodwa kuyisipho sikaNkulunkulu, 9 futhi akuyi ngemisebenzi, funa kube khona ozibongayo. 10 Thina singumsebenzi wakhe, sidalelwe imisebenzi emihle kuKhristu uJesu, uNkulunkulu ayilungisela phambilini ukuba sihambe ngayo.
11 Ngakho-ke khumbulani ukuthi nanikade ningabezizwe ngokwenyama, nibizwa ngokuthi ningabangasokile yilabo abaziwa ngokuthi basokile, okwenziwa ngezandla enyameni, 12 ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKhristu, ningaphandle komphakathi wabakwa-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, futhi ningenaNkulunkulu emhlabeni.
13 Kepha manje kuKhristu uJesu, nina enanikade nikude, senenziwe nabaseduze ngegazi likaKhristu.
14 Yena ungukuthula kwethu, owenza okubili kwaba kunye, wabhidliza udonga olwehlukanisayo olungubutha enyameni yakhe. 15 Waqeda umthetho, imiyalo nezimiso, ukuze adale kuYena labo ababili, bahlangane babe muntu munye omusha, enze ukuthula. 16 Wenza ngesiphambano ukubuyisana kwababili kuNkulunkulu emzimbeni munye, wabuqeda ubutha ngaso. 17 Weza washumayela ivangeli lokuthula kini enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. 18 Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuBaba.
19 Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, 20 nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi, uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi, 21 okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, 22 okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Efesu 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo