Kwabase-Efesu 1:18-23

Kwabase-Efesu 1:18-23 ZUL59

ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini, ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.