UMshumayeli 5:8-20

UMshumayeli 5:8-20 ZUL20

Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo. Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu. Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize. Uma impahla yanda, bayanda nabayidlayo; uzuzani umnikazi ngaphandle kokubuka ngeso na? Kumnandi ukulala kosebenzayo, noma ngabe udle kakhulu, noma udle kancane, kodwa ubuningi bengcebo buyamqwashisa ocebileyo. Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi. Lowo mcebo walahleka ngendlela embi, ngisho nendodana ayizalayo ayangathola lutho. Njengalokhu umuntu aphuma enqunu esizalweni sikanina, kanjalo nalapho esehamba, uyohamba enjalo, kukho konke akusebenzile akukho lutho ayohamba nalo esandleni. Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na? Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni. Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho. Wonke umuntu uNkulunkulu amuphe umcebo, nempahla, namandla, makakuthokozele, asamukele isipho sakhe, ajabule ngomshikashika wakhe; lokhu kuyisipho asiphiwe nguNkulunkulu. Akayukuzikhumbula kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, ngokuba uNkulunkulu uhlala emgcwalise ngenjabulo enhliziyweni yakhe.