UmShumayeli 5:8-20

UmShumayeli 5:8-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo. Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu. Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize. Uma impahla yanda, bayanda nabayidlayo; uzuzani umnikazi ngaphandle kokubuka ngeso na? Kumnandi ukulala kosebenzayo, noma ngabe udle kakhulu, noma udle kancane, kodwa ubuningi bengcebo buyamqwashisa ocebileyo. Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi. Lowo mcebo walahleka ngendlela embi, ngisho nendodana ayizalayo ayangathola lutho. Njengalokhu umuntu aphuma enqunu esizalweni sikanina, kanjalo nalapho esehamba, uyohamba enjalo, kukho konke akusebenzile akukho lutho ayohamba nalo esandleni. Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na? Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni. Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho. Wonke umuntu uNkulunkulu amuphe umcebo, nempahla, namandla, makakuthokozele, asamukele isipho sakhe, ajabule ngomshikashika wakhe; lokhu kuyisipho asiphiwe nguNkulunkulu. Akayukuzikhumbula kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, ngokuba uNkulunkulu uhlala emgcwalise ngenjabulo enhliziyweni yakhe.

UmShumayeli 5:8-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Uma ubona ukucindezelwa kompofu nokuhlanekezelwa komthetho nokulunga ezweni, ungamangali ngaleyo ndaba, ngokuba ophakeme kunomkhulu kunaye, kukhona ophakeme kunabo. Inzuzo yomhlaba ngeyabo bonke; inkosi ikhonza emasimini. Othanda isiliva akayikusutha ngemali; nothanda inala akanenzuzo; nalokhu kuyize. Lapho kwanda okuhle, bayanda abakudlayo; Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuncane noma okuningi; kodwa inala yesicebi ayisoze imenze alale. Kukhona ububi obukhulu engibubonile phansi kwelanga, ingcebo egcinelwe abaniniyo kube kubi kubo. Kodwa leyo ngcebo ibhubha ngomsebenzi omubi, futhi izala indodana, kungekho lutho esandleni sayo. Ekuphumeni kwakhe esizalweni sikanina uyakubuya ahambe ze njengokufika kwakhe, angathathi lutho emshikashikeni wakhe angayiphatha ngesandla sakhe. Futhi futhi kungububi obukhulu, ukuthi uzohamba ngazo zonke izindlela njengoba eze; unanzuzoni yena owashikashikela umoya na? Futhi zonke izinsuku zakhe udla ebumnyameni, futhi unosizi kanye nentukuthelo enkulu ngenxa yokugula kwakhe. Bheka, engakubonayo: kuhle, kumnandi kumuntu ukuba adle, aphuze, athokozele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuhamba kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngoba kuyisabelo sakhe. Futhi wonke umuntu uNkulunkulu amnike ingcebo futhi wamnika amandla okukudla futhi adle kuwo futhi ajabule emsebenzini wakhe; kuyisipho sikaNkulunkulu. Ngokuba akayikucabanga kakhulu ngezinsuku zokuphila kwakhe; ngoba uNkulunkulu uyamphendula ngentokozo yenhliziyo yakhe.

UmShumayeli 5:8-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo. Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke. Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize. Lapho okuhle kwanda, nabakudlayo bayanda; kulusizo luni kumninikho ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na? Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale. Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze; futhi uma ingcebo ichithwa ngengozi embi, indodana ayizalileyo ayinalutho esandleni sayo. Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahambe ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe. Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na? Yebo, zonke izinsuku zakhe zisebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni. Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe. Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu. Ngokuba akakhumbuli kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, lokhu uNkulunkulu emnika intokozo enhliziyweni yakhe.