UMshumayeli 5

5
Yesaba UNkulunkulu (1)
1 Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi.
2 Ungasheshi ukhulume
ngomlomo wakho,
futhi ungayivumeli inhliziyo yakho
iphimise izwi phambi
kukaNkulunkulu,
ngokuba Yena usezulwini,
wena usemhlabeni,
ngakho-ke mawabe mbalwa
amazwi akho.
3 Ngokuba iphupho livela
nemisebenzi eminingi;
nezwi lesiwula
linamagama amaningi.
4 Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho. 5 Kungcono ukungasenzi isifungo kunokuba ufunge kodwa ungafezi. 6 Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?
7 Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.
8 Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo. 9 Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu.
10 Othanda imali akaneliswa yiyo;
nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo,
nalokho kuyize.
11 Uma impahla yanda, bayanda nabayidlayo;
uzuzani umnikazi ngaphandle kokubuka ngeso na?
12 Kumnandi ukulala kosebenzayo,
noma ngabe udle kakhulu,
noma udle kancane,
kodwa ubuningi bengcebo
buyamqwashisa ocebileyo.
13 Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.
14Lowo mcebo walahleka
ngendlela embi,
ngisho nendodana ayizalayo
ayangathola lutho.
15 Njengalokhu umuntu
aphuma enqunu
esizalweni sikanina,
kanjalo nalapho esehamba,
uyohamba enjalo,
kukho konke akusebenzile
akukho lutho
ayohamba nalo esandleni.
16 Nalokho kungububi obudabukisayo;
wafika kanjalo,
uzohamba kanjalo futhi,
nzuzoni ayitholile
ngokushikashikela umoya na?
17 Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni
nasosizini, nasekukhathazekeni
nasekuguleni nasolakeni.
18 Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho. 19 Wonke umuntu uNkulunkulu amuphe umcebo, nempahla, namandla, makakuthokozele, asamukele isipho sakhe, ajabule ngomshikashika wakhe; lokhu kuyisipho asiphiwe nguNkulunkulu. 20Akayukuzikhumbula kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, ngokuba uNkulunkulu uhlala emgcwalise ngenjabulo enhliziyweni yakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

UMshumayeli 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume