UMshumayeli 1:16-18

UMshumayeli 1:16-18 ZUL20

Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda. Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu. Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UMshumayeli 1:16-18