UmShumayeli 1:16-18
UmShumayeli 1:16-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda. Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu. Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”
UmShumayeli 1:16-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.” Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya. Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.
UmShumayeli 1:16-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakhuluma ngenhliziyo yami ngathi: “Bheka, mina sengize ngobuso obukhulu, ngizuza ukuhlakanipha kunabo bonke ababe ngaphambi kwami eJerusalema; yebo, inhliziyo yami yaba nesipiliyoni esikhulu sokuhlakanipha nolwazi. Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula; Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukudabuka okuningi, nowandisa ukwazi wandisa usizi.