UMshumayeli 1:12-14

UMshumayeli 1:12-14 ZUL20

Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema. Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo. Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!