UmShumayeli 1:12-14
UmShumayeli 1:12-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema. Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo. Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!
UmShumayeli 1:12-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.
UmShumayeli 1:12-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mina, uMshumayeli, ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuphenya ngokuhlakanipha ngakho konke okwenzeka phansi kwezulu: lo mzamo wosizi uNkulunkulu awunike abantwana babantu ukuba baqeqeshwe ngawo. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya.