IDutheronomi 6:1-12

IDutheronomi 6:1-12 ZUL20

“Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla, ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho. Yizwa-ke Israyeli, uqikelele ukukwenza, ukuze kube kuhle kuwe, nande kakhulu, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakho akuthembisa izwe elichichima ubisi noju. “Yizwa, Israyeli: uSimakade uNkulunkulu wethu, uSimakade, munye. Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho. Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziyweni yakho. Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka. Uyakuwabophela abe wuphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. Ubowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. “Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni afunga ngalo kokhokho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uzoninika lona: imizi emikhulu nemihle ongayakhanga, izindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, imithombo embiweyo ongayimbanga, izivini neminqumo ongakutshalanga, uyodla futhi usuthe, kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.