UDuteronomi 6:1-12

UDuteronomi 6:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu aniyala ngakho ukuba nizifundiswe, nizenze ezweni eningena kulo ukulidla; ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho; futhi ukuze izinsuku zakho zande. Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza; ukuze kukuhambele kahle, nande, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi. Zwana, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa. Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo onke amandla akho. Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho: Kumelwe ulifundise ngenkuthalo abantwana bakho futhi ukhulume ngalo lapho uhlezi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka. Kumelwe ulibophe libe luphawu esandleni sakho, libe njengebhande phakathi kwamehlo akho. Kumelwe ulilobe ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni alifungela oyihlo, ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika imizi emikhulu nemihle ongayakhanga, nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo eningayimbanga, izivini neminqumo eningayitshalanga; uma udla usuthe; Qaphela ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.

UDuteronomi 6:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla, ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho. Yizwa-ke Israyeli, uqikelele ukukwenza, ukuze kube kuhle kuwe, nande kakhulu, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakho akuthembisa izwe elichichima ubisi noju. “Yizwa, Israyeli: uSimakade uNkulunkulu wethu, uSimakade, munye. Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho. Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziyweni yakho. Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka. Uyakuwabophela abe wuphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. Ubowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. “Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni afunga ngalo kokhokho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uzoninika lona: imizi emikhulu nemihle ongayakhanga, izindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, imithombo embiweyo ongayimbanga, izivini neminqumo ongakutshalanga, uyodla futhi usuthe, kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.

UDuteronomi 6:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla, ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho. Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi. “Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho. Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. “Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga, nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo embiweyo ongayimbanga, nezivini neminqumo ongakutshalanga, nalapho udla usuthe, xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.