UDuteronomi 6:1-12

UDuteronomi 6:1-12 ZUL59

“Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla, ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho. Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi. “Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho. Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. “Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga, nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo embiweyo ongayimbanga, nezivini neminqumo ongakutshalanga, nalapho udla usuthe, xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.